Owayeyikhansela Usinde Ngokulambisa Edutshulwa

Written by on 26 July, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Owayeyikhansela laku-ward 17 ePietermaritzburg, enkabeni yesifundazwe saKwaZulu-Natal, uThami Sithole uthe usinde ngokulambisa kade edutshulwa ngentululwane yezinhlamvu  kanti futhi usahlalele ovalweni emva kokuhlaselwa.

USithole ovule icala emaphoyiseni uthe udutshulwe abalisa angabazi abavele bavulela ngemvula yezinhlamvu nakholelwa ukuthi bebeqonde ukumbulala.

Uthe yize esinde edutshulwe ngezinhlamvu ezibalelwa ku-13, kodwa lokhu kushiye umndeni wakhe kanye nomphakathi uthukile njengoba lesi sigameko senzeke kusakhanya ilanga ngezikhathi zantambama.

USithole uthe akanalwazi ukuthi ngabe yini imbangela yokuhlaselwa kwakhe kodwa udaba lwakhe lusezandleni zamaphoyisa.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background