Owe-Contralesa Uyithela Ngabandayo Eyokuhlanganiswa Komaspala babeyi-Metro

Written by on 19 May, 2023

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo wendlu yamakhosi endabuko iContralesa eKing Cetshwayo enyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natal, uRussell Cebekhulu, uthi kungamampunge ukuthi amakhosi akulesisfunda avumile ukuthi kuhlanganiswe omasipala babe yiMetro.

UCebekhulu ubekhuluma emhlanganweni wokwethulwa kwesabelo mali samakhosi Eshowe enyakatho yeKZN.

Ngesonto eledlule inkosi yesizwe sabaThembu, uBonginkosi Mthembu ikhuluma eMpangeni yatshela izihambeli ukuthi ubuholi bendabuko sebuthathe isinqumo sokweseka ukuthi kwakhiwe umasipala omkhulu owaziwa ngeMetro.

Phambilini ubuholi bendabuko basichitha lesisiphakamiso, baveza ukuthi kumele kuxazululwe izinkinga eziphakathi kukaHulumeni neContralesa eKing Cetshwayo.

Cebekhulu uthi kuyiphutha ukuthi abantu abangagunyaziwe ukukhulumela ubuholi bendabuko bakulesisifunda bavele basukume nje basho izinto ezingamampunge.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background