Zimkhalele Owesifazane Othele Ingane Kamakhelwane Nge-Acid

Written by on 20 February, 2023

By: Dawud Phungula

Ukhalelwe ngamasongo kasigonyela owesifazane osolwa ngokubhunyela ingane yakamakhelwane nge-acid ngemuva kokuba ibe nengxabano nezingane zakhe.

ULondi Thabethe owenza umatikuletsheni eGroutville High School, KwaDukuza, enyakatho yeTheku ubhunyelwe age-acid ebusweni nasemzimbeni ngesonto eledlule.

Kubikwa ukuthi uThabethe uqale  washawa izingane zakamakhelwane ngemuva kwengaxabano ababe nayo ngaphambi kokuthi kungenelele umama wazo lezingane.

UJabu Thabethe ongumama wesisulu uthi lesisgameko senzeke phambi kwakhe njengoba ethole ukcingo lumazisa ngokuhlaselwa kwendodakazi yakhe.

Uthi kade efika endaweni yesgameko ufice umama walezingane eziyalela ukuthi zithathe i-acid zibhunyele ngayo isisulu.

Uqhube ngokuthi isimo sinzima kakhulu njengoba isisulu sikhala ngezinhlungu kanti futhi  sizophazamiseka naseskoleni njengoba senza umatikuletsheni.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background