Owezamasiko Ukhala Ngokubulawa Kwezinduna eKZN

Written by on 15 February, 2023

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wezamaSiko namaCiko KwaZulu-Natal u-Amanda Bani-Mapena usekhuze umhlola wokubulawa kwabaholi bendabuko kulesifundazwe, nathi kuyinto eshaqisayo futhi eshiya iningi emphakathini lidabukile.

Ukuphawula kwakhe kulandela ukubulawa kweNduna yamaButho, uDavid Mkhize, eMbumbulu eningizimu yeTheku.

Induna uMkhize ihlaselwe yabulawa ngabantu abangaziwa emzini wayo ngoMsombuluko ebusuku.

Okhulumela uBani-Mapena, uNathi Oliphant uthi uMkhize ubesebenzisana kakhulu nomnyango ezinhlelweni zokuthuthukisa amasiko kanjalo nokusebenzisana emiphakathini.

Uqhuba ngokuthi iNduna uMkhize ikhombisile nokuthi izihlangu zeSilo zisebenza kanjani.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background