Owezempilo uthi phansi amaphaphu nge coronavirus
Written by Lethiwe Mdluli on 2 March, 2020
Ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, usenxuse izakhamuzi zakuleli ukuba zingathuki kakhulu kulandela ukutholwa ababili bakuleli benegciwane leCoronavirus ezweni laseJapan.
UMkhize uthi laba bazohlala kuleliyalizwe njengoba bezolashelwa khona.
Uthi uhlelo olubizwa ngequarantine lokuqinisekisa ukuthi abanye abantu abatheleleki luzokwenziwa kubobonke abantu abangu 151 bakuleli ababuyayo ezweni laseChina ngaphambi kokuba baye emakhaya abo.
UMkhize ugcizelele ukuthi laba ababili bayoze bona babuye mhla betholwe lingasekho leligciwane emzimbeni yabo.
Listen here:
By: Sanelisiwe Ndlangamandla