Phakama Ramaphosa, Ixesha Lifikile – Mashatile
Written by Mfundo on 14 February, 2022
By: Bongani Gina
Umgcinimafa we-ANC kuzwelonke uPaul Mashatile usephumele obala ngokuthi bafuna ukuthi umengameli uCyril Ramaphosa kube nguyena othatha elinye ihlandla lesibili ekuholeni i-ANC kuzwelonke.
U-Mashatile uthi kunokuvumelana okukhulu ezinhlakeni zenhlangano ngaphakathi ngokuthi kubuyiselwe uRamaphosa elinye ihlandla engumengameli we-ANC.
Inhlangano ebusayo kulindeleke ukuthi ibambe ingqungquthela yokukhetha ubuhoili ngoDecember.
Ngenyanga eyedlule undunankaulu waseLimpopo uStantely Mathabatha naye uveze ukuthi beseka uRamaphosa ukuthi athathe elinye ihlandla.
Usephinde wathembisa ukuthi lenhlangano ebusayo izozilungisa futhi iqinisekise ukuthi abantu bathola zonke izidingo zabo ngendlela.
Khonamanjalo, umhlaziyi wezepolitiki uBheki Mngomezulu uthi uMashatile uyibukela phansi imigomo yalenhlangano njengoba eseqalile ekhuluma izindaba zokumele abe ngumengameli.
Umgomo weANC ukubeka ngembaba ukuthi amagama abantu okulindeleke ukuthi baqhudelane kulezikhundla kumele aphakanyiswe sekudlule iPolicy Conference ezokwenzeka emvakwaJune.
U-Mngomezulu uthi uMashatile uhlulekile ukuziphatha.