Phumani kuZuma – ANC EThekwini

Written by on 10 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

Amagatsha e-ANC eThekwini athi azomvikela kumnyama kubomvu lowo owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma.

Lamagatsha abebambe isithangami sabezindaba eThekwini, ngezinkinga ezibhekene nenhlangano ebusayo.

Ngempelasonto kusabalale izindaba zokuthi uZuma uzulelwa ngamanqe, nokufakwa ekhulukuthu ngesenzo sakhe sokungalaleli inkantolo yomthetho sisekelo emvakokuba imyalele ukuthi ayovela kukhomishana kaZondo ephenya istate capture.

uZuma wanqaba walala ngomhlane ukulubhada lapho, wabeka izizathu zokuthi usihlalo walekhomishana uRaymond Zondo uchemile.

Oyisikhulumi salamagatsha uNtando Khuzwayo uyanaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Baqhuba ngokuthi ukumiswa kukaNobhalala jikelele walenhlangano, uAce Magashule, kunqinda amandla aleliqembu okunqoba ukhetho lohulumeni basekhaya.

Ngesonto eledlule iANC imemezele ukuthi isimumisile uMagashule, emvakokuba ehlulekile ukugudluka esikhundleni sakhe njengoba ebenikezwe u30 days wokuthi enze lokho, elandela umgomo walenhlangano kaStep aside.

iANC iphinde yamvalela ngaphandle ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu iNEC, benelunga lalenhlangano uBongani Bongo.

uMagashule usolwa ngenkohlakalo eyenzeka ngesikhathi esangundunankulu waseFree state.

UKhuzwayo uthi ngeke bavume ukuthi kubulawe inhlangano bekhona.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background