Ramaphosa: Lesi yiskhathi sokuqinisa izinhlelo zeNHI

Written by on 15 May, 2020

Umengameli, uCyril Ramaphosa, uthi uhulumeni kumele asebenzise lesisikhathi seCovid-19 ukwenza uhlelo lweNational Health Insurance ukuba lube yimpuymelelo.

uRamaphosa ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi eyohlola isimo esifundazweni iEastern Cape.

Izifundazwe eziningi zikhande amagumbi omtholampilo amaningi angomahamba nedlwane ukulekelela ukulwa nokubhebhetheka kwecoronavirus.

uRamaphosa uthi imitholampilo engomahamba nendlwana kumele ingabe isadilizwa uma sekudlule iCovid-19.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

Khonamanjalo undunankulu wakulesfundazwe, uSihle Zikalala, uthi ukusabalala kwegciwane Covid-19 akukaphumi esandleni uma beqhathanisa izibalo zakuleli nezakwamanye amazwe.

UZikalala usho kanje kulandela ukuthi uRamaphosa eveze ukuthi ekupheleni kwalenyanga izwe lizokwehlela kuLevel-3 weLockdown, nokuzokwenza ukuthi abantu abaningi babuyele emsebenzini.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Lindelani Mbatha & Sthulile Mbatha


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background