SA Moves to Lockdown Level 3
Written by Mfundo on 26 July, 2021
By: Zilungile Mkhize
UMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa usememezele ukuthi uyayixegisa imigomo yokuvalwa kwezwe njengoba eseyibeke ku-Level 3.
Kuzokhumbuleka ukuthi izwe bese lihlale ku-level 4 isikhathi esingangamasonto amane.
U-Ramaphosa uthi ukwehla kwezibalo ezintsha zeCOVID-19 yikho okuholele ekutheni ikhabhinethi liphume nalesinqumo sokuxegisa imigomo, ngenhloso yokunikeza izimboni zonke ithuba lokubuyisa uzinzo kwezomnotho.
Ngaphansi kuka Level 3, izimboni ebezivaliwe sezizokwazi ukusebenza futhi, kodwa ngaphansi kweso elibanzi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Uthi isikhathi sokuhamba ekuseni nakusihlwa sisamile ku 4 ekuseni no 10 ebusuku.