Sebelahle Ithemba Ngomasipala

Written by on 23 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

Usolwazi kwezombusazwe uHarlan Cloete, uthi imibono eminingi asebeyitholile ikhomba ukuthi iningi lezakhamuzi sezilahlekelwe yithemba kohulumeni basekhaya.

Uthi kusho lukhulu ukuthi amakhansela angaphezu kuka 70%, ngabantu abaqalayo ukukhethelwa ezikhundleni zobukhansela nobuholi emphakathini.

Uqhuba ngokuthi, lokhu kukhombisa kona ukuthi kunezinselelo ezikhona kwezobuholi futhi abantu bese befuna ushintsho nokuqala kabusha njengoba bekhethe kanjena.

U-Cloete uthi iSouth African Local Government Association, iSalga, kumele yenze okwengeziwe ukuxhasa omasipala, khona bezosebenzela imiphakathi ngendlela efanele futhi eya phambili.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background