Sebephunyuke Ngembobo Yenaliti Abasebenzi Abebevalelwe Yizigelekeqe

Written by on 4 April, 2022

By: Lindelani Mbatha

Amaphoyisa athi abasebenzi abangu-7 kulabo abebevalelwe yizigebengu eSundumbili eMandeni eNyakatho yetheku sebekwazile ukubatakula njengoba bebevalelwe yizigebengu kwesinye sezitolo esidayisa ukudla.

Amaphoyisa athi athole imibiko evaza ukuthi lesisitolo sokudla esiseSundumbili obekumele siholele imali yesibonelelo sikahulumeni sibanjwa inkunzi.

Kulesisigameko esiqale ekseni sekubizwe yonke inhlobo yamaphoyisa ukuzozama ukutakula abasebenzi, kanye nokubhekana ngqo nalezigebengu.

Oyisikhulumi samaphoyisa iJay Naiker uthi lezinswelaboya zibambe iMananger kanye nabasebenzi abangu-9 kanti ziphethe izibhamu ezinkulu.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background