Sebeqalile Ukuphuza Itiye oMalema noZuma

Written by on 5 February, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umhlangano olindelwe yizinkulungwane zabantu ezweni, ophakathi komholi we EFF uJulius Malema nowayengumengameli wezwe uJacob Zuma, usuqalile emagcekeni akoNxamalala eNkandla enyakatho yesifundazwe.

Izwe lizwe ngalomhlangano enkundleni yezokuxhumana uTwitter, ngesikhathi umholi we EFF uMalema ebhala ecala ukuyophuza itiye noZuma, nobe esephendulwa etshelwa ukuthi isicelo sakhe sivunyiwe lining itiye enkandla.

 

Akekhoke owaziyo ukuthi lelitiye lingani kahlekahle, kanti akwaziwa nokuthi yini ezobe idingidwa.

Sezikhonake izinsolo ezithi uMalema uzozama ukushintshisa uZuma umqondo ngesinqumo asesithathile mayelana nekhomishana ephenya nge state capture.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma uphemele obala wathi akalubhadi kulekhomishana.

Lomhlangano uhanjelwe oyilunga leANC nophinde abe yiMeya yasEkurhuleni uMzwandilke Masina,  oyilungu lesigungu esiphezulu leANC uTony Yengeni, kanye nobengusihlali wayo iEFF uDali Mpofu.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background