Sebetholakele Odado Abebelahlekile eMtuba

Written by on 19 February, 2021

By: Mthokozisi Manqele

Sezitholakele ziphila ziyimiqemane izingane zamantombazane ezimbili zaseMtholo eMvutshini, eMtuba enyakatho yeKwaZulu-Natal.

UZanokuhle noSambulo Mchunu abano 5 no 6 ubudala, sebetholwe uphiko lwamaphoyisa ezinja, batholwa emgedeni wamanzi.

Obethumbe lezingane kusolwa ukuthi wesabile ukuqhubeka ahambe nazo ngoba bese kugadwe yonke indawo.

Izindaba zeGagasi FM zibikile ngokulahleka kwabo ngoLwesithathu bebuya eMtholo Primary School.

Laba bantwana bese behlale kulo mgede izinsuku ezimbili bengembethe kodwa bekukhona obebaphakela.

Sebephuthunyiswe emtholampilo wendawo.

Intatheli yezindaba zeGagasi FM uMthokozisi Manqele uyabika.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background