Sebethole Udilika Jele Ababulale Abanikazi Bepulazi

Written by on 22 September, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Inkantolo yamajaji ePietermaritzburg, maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal isikhiphe isigwebo seminyaka kubalisa ababili ababhekene namacala ahlobene nokubulala epulazini eCreighton ngo September 2018.

UBethwell Mthembu no Bhekizizwe Mchunu batholakale benamacala okubulala, ukugqekeza ngenhloso yokubamba inkunzi kanye nokuyibamba inkunzi.

Inkantonto yamajaji ibe isigixabeza uMthembu udilikajele neminyaka engu-28 ngaphezulu ebhadla ejele kwathi uMchunu yena wanikezwa iminyaka engu-57.

Okhulumela i-NPA uNatasha Ramkisson-Kara uthi lamacala ahlangene nokuhlasela u Pamela no Peter Scott epulazini labo nokwaholela ekutheni uPeter ashone kulokhu kuhlasela.

Nangu uKara echaza.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background