Sebezothi Ukuphefumula Abakuleli Kuxegiswa Eyezifonyo
Written by Mfundo on 23 March, 2022
By: Lindelani Mbatha
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi ukwehliswa kweminye yemigomo yokuzivikela ku-COVID 19 akusho ukuthi izakhamuzi kumele zibe budedengu.
U-Ramaphosa ubekhuluma nezwe ngezinhlelo zikahulumeni zokubhekana nokusabalala kwe-Coronavirus kanjalo nemizamo yokuqinisekisa ukuthi umnotho uyakhula.
Kulenkulumo umengameli udalule ukuthi akusezukuba nesidingo sokuthi abantu bagqoke izifonyo ezindaweni ezingaphandle.
Sesizoba ku-50% isibalo senani labantu esivumeleke ukuthi sithamele imicimbi eyahlukahlukene, okubalwa nezinkundla zezemidlalo, kodwa kumele kube abantu asebegomile, noma abahlolele leligciwane kungakapheli izinsuku ezintathu, baphathe lezozitifiketi.
U-Ramaphosa uqhuba ngokuthi kusamile ukuthi lapho bungekho ubufakazi bokuthi abantu abahambele umcimbi thizeni bagomile, kufanele babe ngu-1000, bese beba ngu-2000 endaweni evulelekile.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.