Sekubanjwe Abadayisa Ngemigomo Engombombayi

Written by on 11 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Usekela Mengameli wezwe uDavid Mabuza uthi umkhankaso kahulumeni wokuvundulula futhi kuvalwe izikhungo ezidayisa imigomo yeCOVID-19 engombombayi, usuthele isithelo ezinhle.

uMabuza usetshele indlu yabaholi bendabuko ukuthi izinhlaka zobomthetho zakuleli nezangaphandle, sezikwazile ukushaqa inqwaba yalemishanguzo mbumbulu.

Selokhu kwaqala umkhankaso oholwa ngumnyango wezempilo wokugoma abasebenzi bezempilo ngenyanga edlule, imibiko yemikhonyovu eyahlukene ilokhu izwakale njalo.

uMabuza uthi lezigilamkhuba eziqhuba lomshikashika wokudayisa imigomo engalungile, zibeka impilo yabantu engcupheni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background