Sekubhekwe kwezemidlalo ukuthi zibuyise ubumbano kulelizwe

Written by on 11 November, 2019

Usomlomo wePhalamende, uThandi Modise, uthi ubumbano nothando olubonakale kulelizwe, kulandela ukunqoba kweqembu leRugby lakuleli indebe yomhlaba, yinto afisa iqhubeke ingapheli.

uModise usho kanjena ekhuluma nabezindaba ePhalamende eKapa, lapho amalungu eqembu lamaBhokobhoko ehambele khona emini nje.

Uthi okucace bha, ukuthi ezemidlalo zinesasasa elanele lokubuyisa abantu bazo zonke izinhlanga ukuthi babendawonye ngaphandle kokucwasana.

Listen here:

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background