Sekubongwe abezenkolo ngeqhaza ekubuyiseni ithemba emphakathini

Written by on 22 May, 2020

Ungqongqoshe wezempilo kuzwelonke, uZweli MKhize, uthi amabandla ezonkolo abambe iqhaza elikhulu ekubuyiseni ithemba emphakathini ikakhulukazi ngaleskhathi esinzima umhlaba okuso seCovid-19.

Uthi yize amabandla nawo engavumelekile ukuthi aqhube izinkonzo zawo njengenjwayelo, kodwa akwazile ukuqinisekisa ukuthi abantu bahlalela ethembeni lempilo.

uMkhize ukhulume kanje nabenzindaba ePitoli ngesikhathi emukela izinsiza kanye nemishini yokuphefumula okunikelwe yiMelika kuleli.

Usebonge nebandla i-Jesus Christ of Latter Days Saints, elinikele ngemishini yokwenza ezocwaningo ezibhedlela zikahulumeni engabiza 1 million lamarandi.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

By: Sthulile Mdletshe


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background