Sekuboshwe Ikhansela Elisolwa Ngokusoconga Elinye

Written by on 31 May, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umlisa okukholakala ukuthi uyikhansela le-ANC esifundeni iTheku usekhalelwe ngamasongo kasigonyela ngezinsolo zokubulala Siyabonga Mkhize, ngonyaka owedlule eCato Crest.

U-Mkhize wayesembangweni wokuba yikhansela leANC okhethweni lwangonyaka owedlule lohulumeni basekhaya, kanti wathelwa ngemvula yezinhlamvu ngaphandle komuzi wakhe.

Umsolwa lo, igama lakhe lisagodliwe kuze kube uvela enkantolo ngokusemthethweni.

Okhulumela iANC KwaZulu-Natal uNhlakanipho Ntombela, uthi kubalulekile ukuthi umthetho udlale indima yawo ukuze kujeze labo ababa nesandla ekubulaweni kwamalungu abo, ngisho noma abasolwa beqhamuka ngaphakathi kuKhongolose.

Uthi yize kunjalo, kumele abantu bakuqonde ukuthi umuntu umsulwa kuze kube utholwa enecala enkantolo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background