Sekufanele Anyuke Amaholo Abasebenzi
Written by Mfundo on 9 February, 2022
By: Zilungile Mkhize
Ungqongqoshe obhekelele ezemisebenzi nokuqashwa kwabantu uThulas Nxesi, usekuqinisekisile ukuthi imali ekufanele iholwe ngumsebenzi ngehora seyenyusiwe kuzwelonke.
Lemali, neyaziwa nge National Minimum Wage, ibiku R21,69 ngehora, kanti seyenyuselwe ku-R23,19 ihora kusuka nomhlaka 1 wangenyanga ezayo.
U-Nxesi uthi akukho emthethweni futhi akunabulungiswa ukuthi umqashi ashintshe amahora okusebenza noma izimo zokuqashwa kwabasebenzi ukuze afeze lezinguquko.
Uthi lemali ayihlangene naleyo umqashi ayinika abasebenzi ngokuphethiloli, ukudla, uhambo lomsebenzi kanjalo namabhonasi.