Sekufe Oyedwa Kusha Imijondolo eThekwini

Written by on 21 April, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umphakathi wasemijondolo iMarikana eCato Crest, enyakatho yeTheku, ususale dengwane kulandela ukusha kwezakhiwo zawo ezingaphezu kuka-40.

Kulesisigameko kudlule emhlabeni umuntu oyedwa kwalimala kabi intombazanyana eneminyaka engu-16 ubudala.

Kusolakala ukuthi umlilo udalwe ukusha kwentambo kagesi exhunywe ngokungekho emthethweni.

Usekela mengameli wenhlangano yabahlali basemjondolo, uQaphelo Bonono, uthi into edale konke lokhu ukuba budedengu bomasipala weTheku ongafuni ukufakela lezizakhamuzi ugesi osemthethweni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo oyisikhulumi somasipala weTheku,, uMsawakhe Mayisela, uthi izakhamuzi kumele ziyeke ukudla ukumhlaba ngoba kubanzima kulomasipala ukuthi uphuthumise izidingo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background