Sekukhishwe Incwadi Yokuphoqa Ukubuyiswa kukaBushiri nomkakhe

Written by on 5 December, 2020

By: Mfundo Mabaso

Umnyango wezobulungiswa usuhlinzeke uHulumeni waseMalawi ngencwadi ephoqa ukuba kubuyiswe kuleli uShepard Bushiri kanye noNkosikazi wakhe uMary.

Laba beqa kuleli bebhekene namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa, kanye nokushushumbisa imali ngendlela engafanele.

Lomndeni weqa kuleli emvakokuba inkantolo ibanikeze iBheyili ka R200 000 umuntu ngamunye, nayo asebeyiphulile imibandela yayo.

Okhulumela umnyango wezobulungiswa uChrispin Phiri uthi bayazi ukuthi labasolwa sebeyiphonsele inselelo lencwadi, kodwa isimo basiqaphe ngeso elibanzi.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background