Sekumiswe Ababhubhudle u-R300 Million Wamaciko
Written by Mfundo on 24 March, 2021
By: Zilungile Mkhize
UNgqongqoshe wezobuciko namasiko, uNathi Mthethwa, uthi iNational Arts Council isiqale uhlelo lokuthathela izikhulu zayo ezithile izinyathelo zomthetho, mayelana nokuhluleka ukusingatha izimali ngendlela efanele.
Lokhu kulandela imibiko evele ngempelasonto ekhomba ukuthi lomkhandlu wehlulekile ukusabalalisa u-R300 million owakhishwa umnyango ukuba ulekelele amaciko ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yeCOVID-19.
Namanje alikho iciko eselike lahlomula kulemali, kodwa sekuqubuke imibiko ethi awusekho lo R300 million.
Amaciko ezifundazweni ezahlukene aseqale umkhankaso wokuqhinqa ngaphandle kwamahhovisi akwa National Arts Council, efuna izimpendulo.
uMthethwa uthi umnyango wakhe ngokusebenzisana nawo lomkhandlu, uzoqala umkhankaso wokuzama ukuthola enye imali ukuze amabhizinisi amaciko athole okuncane.