Sekumiswe Omunye Ujele Ezitika Ngesiboshwa

Written by on 26 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

Isikhulu esiphezulu selinye lamajele amakhulukazi eThekwini sesimisiwe emsebenzini kulandela izinsolo zokuthandana nesiboshwa.

Isigameko esifana nalesi akusisona esokuqala esibikwa emajele akulesifundazwe, njengoba kunoxhaxha lwama video agcwele ezinkundleni zokuxhumana, akhoimbisa izigameko ezahlukene zojele neziboshwa kuthandanwa, noma kunobudlelwano bocansi.

Kulesigameko sakamuva, lesi sikhulu kubikwa ukuthi sibanjwe ngekhamera nesiboshwa sesifazane, okubikwa ukuthi sidonsa isigwebo seminyaka engu-20 ejele lase Westville.

Lokhu kuza nje, akukapholi maseko njengoba emasontweni ambalwa edlule kuxoshwe onogada ababili besifazane, ngemuva kokuthi omunye wabo eqoshwe ezibandakanya esenzweni socansi nowesilisa oyisiboshwa ejele eliseNcome, eVryheid enyakatho yesifundazwe.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background