Sekungenelele Uhulumeni Wesifundazwe Ezikhukhuleni zaseMnambithi

Written by on 17 January, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Imeya yase Alfred Duma, u-Zama Sibisi, ithi ikhathazekile kakhulu ngamabhizinisi kulandela izikhukhula ezivale yonke into edolobheni lase Mnambithi, entshonalanga yesifundazwe.

Idolobha lase Ladysmith lihlaselwe yizikhukhula kulandela izimvula ezinamandla ngesonto eledlule.

Ngenxa yalokhu kubonakale umfula i-Kliprivier, oseduze nalelidolobha, ugcwala uphuphuma wadala umonakalo ezakhiweni eziseduze nawo, nokubalwa kuzo izitolo, ama-garage kanye namahovisi okusebenzela.

U-Sibisi uthi ngenxa yalesi simo sekungenelele umnyango wezokubusa nokubambisana ekutheni kusizakale abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula.

Uthi okukhathaza kakhulu ukuthi kusazothatha isikhathi eside ukuthi amabhizinisi abuyele esimweni nokusho ukuthi miningi imisebenzi ezolahleka, nokuzolimaza umnotho wakuleli dolobha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background