Sekunjalo!

Written by on 1 November, 2021

By: Zilungile Mkhize

Lolusuku olukade lwalindelwa yizinhlangano zonke zezombusazwe seluze lwafika, njengoba abantu bakuleli abanomazisi, abaneminyaka engu-18 kuya phezulu futhi abakubhalisela ukuvota kulindeleke ukuthi baphume ngobuningi bayovotela ubuholi ababufunayo.

Kulolukhetho umuntu angkwazi ukuvota kuphela esifundeni sokuvota ahlala kuso futhi lapho ebhalise khona.

Izikhungo zonke zokuvota ezweni ziyalelwe ukuba zivule kusukela ngo 7 kuze kuyoshaya ihora lesishiyagalolunye (9) kusihlwa.

Khumbula ukuthi ngaphandle komazisi wakho one-barcode, ngeke ukwazi ukuhlaba ivoti lakho eduze kwenhlangano kanye nomuntu ofisa abe yikhansela langakini.

Labo abasanezincwadi ezikhomba ukuthi bawabhalisele ama ID, nezibizwa ngama Temporary certificate bangakwazi ukuphatha nazo bavunyelwe ukuvota.

Uma usungene ngaphakathi esikhungweni sokuvota, abasebenzi bakwa IEC bazosebenzisa lomazisi ukubheka igama lakho ohlwini lwababhalisile ngaphambi kokucima igama lakho njengofikile wazovota.

Uzobeke usunikwa amaphepha akho okuvota udluliselwe lapho uzovota khona ngawedwa ngokuyimfihlo, ngaphambi kokulifaka ebhokisini elifanele.

Khumbulake ukuthi ufaka umaka owodwa nje vo ephepheni lokuvota.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background