Sekuphume Isidumbu Kubhikishwa eWits
Written by Mfundo on 10 March, 2021
By: Zilungile Mkhize & Lindelani Mbatha
Sekudutshulwe kwashona owesilisa ngesikhathi amaphoyisa evulela ngezinhlamvu zenjoloba kubafundi abaqhuba umbhikisho eWits University, eBraamfontien eGoli.
Labafundi bafuna lesikhungo sivumele ozakwabo abanezikweletu ezilanganiselwa ku R150 000 kuya phezulu, ukuba nabo bakwazi ukubhalisa baqhubeke nokufunda.
Babalelwa ku-6000 abafundi abatshelwe ukuthi ngeke bavunyelwe ukuba babhalise njengoba abanye bekweleta.
Okhulumela iWits, uSharona Patel, uthi isikhungo asikwazi ukuqhubeka nokuvumela abantu abanezikweletu ezinkulu ukuba baqhubeke nokufunda, ngoba lokhu kusho ukuthi isikhungo sizogcina sicwile ezikweletini.
Khonamanjalo, uphiko oluphenya ukuziphatha kwamaphoyisa kuleli, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), selujube ithimba ukuyophenya ngokufa kwalomlisa.
Oyisikhulumi se-IPID, uNdileka Cola, uthi bafuna ukwazi ukuthi kwenzakaleni kulesisigameko.
THEY WANT US WITH CRIMINAL RECORDS , THEY WANT US JAILED AND DEAD #Witsasinamali pic.twitter.com/xKyLnX4i6m
— Wits SRC (@Wits_SRC) March 10, 2021