Sekuqothwe Abangu-6 Ngenhlamvu eMlazi

Written by on 15 March, 2022

By: Bright Ntuli

Amaphoyisa akwaZulu-Natal asephume inqina ethungatha umkhondo wabalisa abasolwa ngokuqotha ngenhlamvu abantu abangu-6 eMlazi, eningizimu yeTheku.

Abakwasidlodlo bathi izisulu zihlaselwe ngabasolwa abangu-7 abebehlome beyizingovolo izolo emini, ngenkathi zihleli emkhukhwini othize esgcemeni sakwa-N khona eMlazi.

Baqhuba ngokuthi abanye ababili abadubuleke balimala kulesigameko esikhotheni, bude buduze nalomkhukhu, baphuthunyiswa esibhedlela.

Oyiskhulumi samaphoyisa kulesifundazwe uJay Naicker uthi imbangela yokudutshulwa kwalaba ayikaziwa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background