Sekuvalwe izikole ezimbili ngenxa yeCovid-19
Written by Lethiwe Mdluli on 10 June, 2020
Undunankulu wesfundazwe, uSihle Zikalala, usekuqinisekisile ukuthi sekunezikole ezimbili esfundeni seTheku esekuphoqeleke ukuthi zivalwe kulandela ukuthi othisha bethwolwe neCovid-19.
Lezikole zivalwa nje bekusaphele izinsuku ezimbili nje vo ugrade 7 no 12 ubuyele eskoleni, ngemva kokuthi izikole zivalwe iskhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwe coronavirus.
Esinye salezikole iClairwood secondary eMontclair eningizimu yeTheku.
Kanti uZikalala uthi uhulumeni wesfundazwe kanye nomnyango wezemfundo benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi othisha kanye nabafundi baphephile.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Lindelani Mbatha