Sekuzolunga Ngo-NSFAS – Nzimande

Written by on 10 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wemfundo ephakeme uBlade Nzimande uthi abafundi bayoze bathole imali ka-NSFAS kusukela ngenyanga ezayo.

U-Nzimande ubephendula imibuzo yamalunga ephalamende ngezinhlelo zomnyango wakhe zokubhekana nezinkinga zabafundi emanyuvesi.

Umnyango wemfundo ephakeme kulindeleke ukuthi unikeze isikhungo uNSFAS lemali yabafundi ngomhlaka 1 April, nokuyilaphoke lesisikhungo sizoqala sisabalalise lemali.

Ngonyaka owedlule babalelwa ku-700 000 abafundi abahlomula ngaloluxaso, kanti kulonyaka kulindeleke ukuthi senyuke lesisibalo.

U-Nzimande uthi bayaxhumana namanyuvesi ukuthola uhlu lwabafundi asebemukelwe ngokusemthethweni kulezikhungo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background