Sekwengezwe Inyanga Kwizinkontileka zama-Education Assistants

Written by on 31 March, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal sowelule ngenyanga eyodwa ikontileka yothisha besikhashana, ama-Education and General School Assistants ezikoleni.

Inkontileka yalabothisha abaqashwe ngonyaka owedlule bekulindele ukuba iphele ngoba kuphela uMarch kanti izikhala zalabothisha zivuleke ngenxa yeCOVID 19.

Sebezosiza ezikoleni kuze kuphele uApril.

Oyisikhulumi somnyango wezemfundo kulesisifundazwe, uMuzi Mahlambi, uthi lezizikontileka zivuselelwe emvakomhlangano obubanjwe namhlanje.

Uthi umnyango usucele uNdunankulu, uSihle Zikalala, ukuba abanezele ngemali ukuze bezokwazi ukuqasha othisha abangaphezu kuka-900 ezikoleni.

UMahlambi uqhuba ngokuthi banethemba lokuthi ihhovisi likaNdunankulu lizobahlinzeka ngalemali ukuze bezokwazi ukugcwalisa lezikhala ezivulekile.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background