Selidedeliwe I-Dudula

Written by on 28 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umgqugquzeli womkhankaso iOperation Dudula, uNhlanhla ‘Lux’ Mohlaudi usededelwe ezitokisini ngebheyili ka R1500.

U-Lux zimkhalele ngeviki eledlule kulandela ukuvulelwa icala lokugqekeza nokweba, yilungu le EFF eSoweto uVictor Ramerafe.

Lomgqungquzeli ubelokhu ebonakala eqhuba umkhankaso olwisana nabantu bokufika abangenzazo izimvume zokuba seNingizimu Africa.

Ukuboshwa kwakhe kulandele ukungena kwamalungu omkhankaso wakhe emzini kaRamerafe, nobesolwa ngokudayisa ashushumbise izidakamizwa emphakathini.

Imantshi isilihlehlisele umhlaka 27 May lelicala njengoba ichaza kanje:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo uLux uthi amaphoyisa akuleli asebenzisana nezigebengu kanye nezigilamkhuba ezishushumbisa izidakamizwa kubantwana ezikoleni

U-Lux ukhulume kanje emva kokuthi ededelwe ezitokisini ngebheyili ka 1500 wamarandi.

Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo yemantshi yase Roodepoort, ubeke kanje:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background