Selimulahlile Icala Owahlela Ukubulala Intombi Yakhe

Written by on 25 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umlisa owabulala owayeyintombi yakhe uTshegofatso Pule, uNtuthuko Shoba, usetholwe enecala lokuhlela ukubulala.

Inkantolo ephakeme eGoli ithi waba nesandla ekuhleleni ukubulala intombi yakhe eyayinezinyanga ezingu-8 izithwele, ngo June 2020.

Ijaji uStuart Wilson lithi uShoba wadayisa ngesinqandamathe sakhe kuMuzi Malepane, okumanje udonsa isigwebo sokubulala Pule nobesephenduke ufakazi wombuso.

Inkantolo ithi uShoba nguye owabizela uPule imoto eyayishayelwa uMalepane, azi kahle ukuthi bahleleni ngaye.

Ngesikhathi elandisa inkantolo, uMalepane waveza ukuthi wakhokhelwa uShoba ukuthi abulalele intombi yakhe eyayizithwele, behlele ukuthi uzoyithatha ayoyilengisa ebhulohweni khona kuzoba sengathi izibulele.

Waveza ukuthi kwamuhlula lokhu ngoba wayengazi nokuthi uPule uzithwele, kodwa wamudubula wabe eselengisa isidumbu sakhe esihlahleni.

Ijaji uWilson usechaze kanje ekhipha isinqumo sakhe.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background