Seluzophothulwa Uphenyo Lwenkohlakalo Elithinta Umnyango Wezempilo

Written by on 25 May, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Umnyango wezempilo kuzwelonke usucele ukuthi unikezwe isikhathi sokubhekana nophenyo oluqhubekayo ngezinsolo zenkohlakalo ebikwa ngaphakathi kulomnyango.

Lokhu kulandela ukuthi inhlangano enza loluphenyo iSpecial Investigating Unit (SIU) ithi sekusele kancane iluphothule.

Lomnyango usolwa ngenkohlakalo yamathenda alinganiselwa kuR82 million ekusolwa ukuthi anikezelwa abasondelene nongqongqoshe walomnyango, uZweli Mkhize.

Osolwa ngokuhlomula kakhulu uTahera Mather nongumlekeleli kaMkhize weminyaka, njengoba aphinde ngumqondisi wenkampani yezokuxhumana iDigital Vibes nethole ithenda laR35 million ukubamba izithangami zeCOVID-19.

Yize umnyango usakhiphe isitatimende nje kuphela kodwa oyiskhulumi se SIU uKaizer Kganyago ekhuluma nabezindaba ubeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background