Sengigomile – Ramaphosa

Written by on 17 February, 2021

By: Bongani Gina & Zilungile Mkhize

UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa usenxuse zonke izakhamuzi zakuleli ukuba zivume ukuthatha umgomo we-COVID 19 njengoba naye esegonyiwe nje.

URamaphosa nongqongqoshe wezempilo kuzwelonke uZweli Mkhize basanda kuthatha lomgomo eKhayelitsha, njengoba befuna ukuba yisibonelo sokuthi lo mjovo awunayo inkinga.

Lomgomo ogunyazwe yisigungu esibhekelele ukugunyazwa kwemishanguzo kuleli, i-South African Health Products Authority, ufikele esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo eGauteng, ngolwesibili ebusuku.

Uhlelo lokugoma seluqalile ezifundazweni ezahlukene, kanti kuzoqalwa ngabasebenzi bezempilo.

Umgomo iJohnson & Johnson usukhombise ukuthi uphephile futhi uyasebenza ekulweni negciwane iCOVID-19.

uMengameli uRamaphosa uthi lomgomo uzosiza kakhulu ekuvikeleni abasebenzi bezempilo ababhekana ngqo naleligciwane nsuku zonke.

Uqhuba ngokuthi yize ebesaba inaliti ende ngesikhathi egonywa, kodwa uthi kube yinto esheshayo nengathathanga isikhathi eside futhi akubuhlungu kangako.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background