Senyukile isibalo sabashonile engozini yebhasi eEastern Cape

Written by on 3 March, 2020

Ungqongqoshe wezokuthutha kuzwelonke, uFikile Mbalula, uthi usejube ochwepheshe ukuthi baphenye ngengozi yebhasi eyehle eEastern Cape izolo, yabulala abantu abangu 28.

uMbalula uthi usethole ukuthi umshayeli uphunyukwe yilelibhasi maqede lagingqika, kanti nomgwaqo okwehle kuwo lengozi usakhiwa ezindaweni eziningi.

Kukhonake nabanye abalimele kanzima, okumanje balwela ukuphila esibhedlela.

Ekhuluma nabezokusakaza kuleli uMbalula uthi uma kukhona okutholakala ukuthi kushaya amanzi ngalengozi baningi abazojeza.

Listen here:

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background