Senza Konke Okusemandleni Ukubuyisa Uzinzo Kwa-Eskom – Gordhan
Written by Mfundo on 18 November, 2021
By: Lindelani Mbatha
UNgqongqoshe wazamabhizinisi kahulumeni uPravin Gordhan uthi inkampani ephakela ugesi kuleli uEskom icwile ezikweletwini nje yingenxa yabaphathi balenkampani baphambilini.
U-Gordhan ubevele phambi kwekomidi lephalamende elibhekelele ukusebenza kwezinkampani zikahulumeni.
U-Eskom unesikweletu esingaphezu kuka-R400 billion wamarandi, nokwenza kubenzima ukuthi lenkampani isebenze ngendlela ejwayelekile njengoba kumanje isivele iqhuba uhlelo lokucishwa kukagesi izikhawu, iLoadshedding.
Phambilini uhulumeni wamemezela ukuthi uzoyihlukanisa kathathu lenkampani okuzoba yiGeneration, Transmission kanye neDistribution, okungakabonakalike okwamanje.
U-Gordhan uthi benza konke okusemandleni ukubuyisa uzinzo kulelibhizinisi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.