Sesibuyekeziwe Isibalo Sabashone Ngezikhukhula

Written by on 22 April, 2022

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele usememezele ukuthi isibalo sabantu abashone KwaZulu-Natal ngenxa yezikhukhula sesibuyekeziwe.

Phambilini bekuvezwe ukuthi abantu abashone ngemva kwezimvula ezinamandla zangesonto elidlule sesifinyelele ku-448, kanti uCele uthi lesibalo sesehleli ku-435.

Ekhuluma esthangamini sabezindaba njengosihlalo wekomidi longqongqoshe bezokuphepha, uCele uthi into yehlise lesbalo ukuthi sebethole ukuthi kulaba abangu-9, bashone nje ngokwemvelo.

Uqhuba ngokuthi abangu-4 kutholakale ukuthi babulewe.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background