Sesifikile! – Cele

Written by on 15 July, 2021

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongqoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, uthi sebeqale umkhankaso wokuzingenela mathupha bavundulule izigebengu eziphehla loludweshu oluhambisana nobugebengu bokuphangwa kwezitolo eKZN.

U-Cele usho kanjena emva kokuthi yena nethimba lakhe lamaphoyisa bahembele indawo yaseMobeni Heights, eNingizimu yeTheku, lapho bezithele phezu kwamabhokisi ezinhlamvu zezibhamu efihliwe emphongolweni.

Uthi kusobala ukuthi kunempi ehlelwayo engahlangene naloku okuqhubekayo kokuphangwa kwezitolo.

Uqhuba ngokuthi yize kunjalo bazoyinqoba ingakaqali, waphinde wanxusa izakhamuzi ukuthi zingavumi ukufakwa ngekhanda emgodini.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background