Sezimukhalele Uthishanhloko wase-Grosvenor

Written by on 7 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal usumumisile esikhundleni uthishomkhulu wesikole iGrosvenor Girls High osolwa ngokucwasa.

Ngesonto eledlule ukufunda kanye nokufundisa kuphazamisekile kulesisikole emvakokuba abafundi abamnyama, amaColoured kanye namaNdiya bekhale ngokucwaswa.

Labafundi bathi uthishomkhulu wakulesisikole ubabiza ngezinkawu, besekuthi labo abagibela amatekisi ababize ngama taxi queens.

Labafundi babe sebengenela isitelaka benxusa ukuba uthishomkhulu kanye nothisha abacwasayo basuswe ezikhundleni kube kusaqhubeka uphenyo.

Oyisikhulumi somnyango uMuzi Mahlambi uthi bamise lothishanhloko ngoba befuna uphenyo lwabo luqhubeke kahle.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background