Seziphinde Zafika Kwangqingetshe Izingxoxo Zamaholo kwaEskom

Written by on 18 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

Inkampani kagesi iEskom seyibeke isiphakamiso sika 1.5% etafuleni lezingxoxo ngamaholo abasebenzi.

Lenkampani ithi lesiphakamiso sihambisana nemibandela yokuthi izinyunyana zamukele izinguquko eze nazo mayelana nokusebenza.

Lokhu kwenzeka nje, inyunyana yabasebenza ngokusansimbi iNumsa neNational Union of Mineworkers, ifuna ukwenyuselwa amaholo ngamaphesenti angu-15 ngonyaka mali ka-2021/22, kanti iSolidarity ifuna ukwenyuselwa imali ngo-9.5% njalo ngonyaka eminyakeni.

Okhulumela iNUMSA, uPhakamile Hlubi-Majola, uthi sekuphele iminyaka uEskom enunusela abasebenzi ngento engekho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background