Sibeke Inqwaba Yemali Ezobhekana Nenqalasizinda- Dube-Ncube

Written by on 18 April, 2023

By: Lindelani Mbatha

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, uthi uhulumeni ubeke eceleni imali elinganiselwa ku-R2 billion ukulungisa inqalasizinda eyacekelwa phansi yizikhukhula zangonyaka owedlule.

UDube-Ncube wethula isabelomali sika-R872 million wamarandi sehhovisi lakhe esishayamthetho.

Ngonyaka owedlule uHulumeni wesiFundazwe wamemezela ukuthi inqalasizinda ecekeleke phansi ngenxa yezikhukhula elinganiselwa ku-R17 billion.

Kulenqalasizinda kubalwa izakhiwo zikahulumeni okufakaphakathi izikole, amahholo omphakathi kanjalo namagraji ezimoto.

UDube-Ncube uthi uthi imali eningi izosetshenziswa ngumyango wezokuthutha ukulungisa imigwaqo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background