Sihlehlesiwe Isicelo Sebheyili Koluka Tshegofatso

Written by on 1 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Ukwethulwa kwesinqumo mayelana nesicelo sebheyili somlisa osolwa ngokuba ngungqondongqondo ekubulaweni kowesifazane owayenezinyanga ezingu 8 ezithwele, kuhlehliselwe ulwesihlanu mhlaka 5 March.

uTshegofatso Pule wabulawa ngonyaka odlule  isidumbu sakhe satholakala silenga esihlahleni.

uNtuthuko Shoba, nosekuvele ukuthi wayethandana nomufi, wampimpwa umsolwa wokuqala uMuzikayise Malephane, owatshela inkantolo ukuthi wakhokhelwa nguye 70-000 wamarandi ukuthi abulale uPule.

uMalephane wathi uShoba wayefuna uPule abulawe njengoba ayesezithwele nje, nokuyinto ayengafuni yaziwe ngunkosikazi wakhe.

Lomsolwa usephenduke ufakazi wombuso kulelicala, ezama ukuthola isigwebo esehlisiwe ngokukhuluma iqiniso nokukhipha ongungqondongqondo ekubulaweni kukaPule.

Isinqumo mayelana nesicelo sokuthola ibheyili kaShoba, siyoze siphume ngolwesihlanu.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background