Sikhonjwe Indlela Kutheleka ODokotela Abasha Esibhedlela – UDokotela
Written by Mfundo on 27 May, 2022
By: Lindelani Mbatha
Odokotela basesibhedlela iGrey eMgungundlovu bathi bakhathazekile ukuthi lesisibhedlela sibaxosha ngaphandle kokubanika isexwayiso.
Labodokotela batshele abezindaba ze-Gagasi FM ukuthi ngolwesithathu babone kutheleka abantu abangaziwa kulendawo yodokotela ngaphandle kokwaziswa.
Bathi kuthe mabebuza kubaphathi besibhedlela batshelwa ukuthi labobantu abababonayo bazolungisa lendawo, bona ababone ukuthi balibangisaphi.
Okhulumela labodokotela esiligodlile igama lakhe uthi abazi ukuthi bazothatha ini bahlanganise nani.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Umnyango wona mawuthintwa ngaloludaba uveze ukuthi usuluzwile udaba kodwa usalulandela.