Silahlekelwe Ngama Billion – NSFAS

Written by on 11 November, 2021

By: Zilungile Mkhize

Isikhwama soxhaso lwabafundi i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), sithi ingase yehle ngo R10-billion imali esinayo yokubhekelela abafundi ngonyaka ka-2022.

I-NSFAS ithi izinkinga eziningi eziphazamise ukusebenza noxhaso lwayo zize ne COVID-19, ukwenyuka kakhulu kwesibalo sabafundi ekulindeleke bangene ezikhungweni zemfundo ephakeme, nokunye.

Iziphathimandla zalesikhwama ziveze konke lokhu ngesikhathi zivele phambi kwePhalamende ukuzochaza ngokusebenza kwaso, izinhlelo abanazo zokuya phambili, kanjalo nezingqinamba abahlangabezane nazo kunyaka mali 2020/2021.

Oyisikhulu esiphezulu ku NSFAS uAndile Nongongo uthi nokho bakwazile ukuthatha izinyathelo ezifanele ukubhekana nezingqinamba ebezingase zithikameze ukusebenza kwalesikhwama.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background