Sisawufakele Izibuko Umbiko Ka-Zondo – Mantashe

Written by on 3 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

Usihlalo we-ANC uGwede Mantashe uthi usejube ithimba lakhe labameli ukuthi lithathele phezulu imiphumela yophenyo mayelana nombiko we -State capture liyicubungule kahle.

Lokhu kulandela umbiko wesithathu wekhomishini kaRaymond Zondo ebiphenya ngezinsolo zenkohlakalo kuhulumeni nasemabhizinisi akhe, ophakamise ukuthi uMantashe ashushiswe ngenkohlakalo ehambisana nenkampani iBosasa.

Kusolwa ukuthi lenkampani yamkhokhelela izindleko zokulungiswa kwezokuphepha emzini wakhe ongahlangene nombuso.

U-Mantashe uthi kumanje abameli bakhe bayawufunda lombiko futhi bazokweluleka ngendlela eya phambili.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background