Sisazoshuba Isimo Somnotho – Godongwane

Written by on 24 March, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Ungqongqoshe wezezimali uEnoch Godongwane uthi impi eqhubekayo phakathi kwe Russia kanye ne Ukraine isazoyfiaka ingcindezi enkulu kwezomnotho eNingizimu Africa.

U-Godongwane ukhulume kanje ephundula imibuzo yamalungu ephalamende ngodaba lokunyuka kuka-petrol njalo, nosekuholele ekwenyukeni kokudla nasezitolo.

Upetrol usanda kwenyuka ngoR1,46, kanti kulindeleke ukuthi uphinde futhi unyuke njengoba kuzoqala inyanga uApril nje.

Uthi basazodingida nongqonqoshe wezamandla uGedwe Mantashe, ukuthi isisombululo salenkinga ebhebhezelwa yimpi eqhubeka phesheya sizothini.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background