Sitholakale Sidindilize Egazini Isidumbu Sonqunywe Uqhoqhoqho

Written by on 8 December, 2021

By: Nhlakanipho Mnqayi

Umlisa oneminyaka engu-76 ubudala usetholakale eshonile oThongathi enyakatho yeTheku, isidumbu sakhe sinqunywe uqhoqhoqho.

Lesisidumbu sitholwe umshana wakhe sidindilize phansi exhaphozini legazi ekamelweni lakhe lokulala.

Abezimo eziphuthumayo kwa Reaction Unit, bathi bafike lesidumbu sesimbozwe ngengubo kanye nomatilasi.

Okhulumela iReaction Unit SA uPrem Balram uyenaba.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background