Siyabheda Isimo Emaphoyiseni- Kwinika
Written by Mfundo on 14 July, 2022
By: Zilungile Mkhize
I-Independent Policing Union of South Africa ithi kudingeka ucwaningo lwangaphakathi oluphuthumayo emnyangweni wamaphoyisa ukuze kuthuthukiswe isimo samaphoyisa eNingizimu Afrika yonkana.
Lenyunyana ithi ziningi izinkinga ezigubezele umnyango wamaphosa, ezingaziwa emphakathini.
UNobhala Jikelele walenyunyana, uMpho Kwinika, usenxuse uKhomishana wamaphoyisa uFannie Masemola ukuthi angenelele futhi abuyisele ukwethenjwa komphakathi ngamaPhoyisa aseNingizimu Afrika.
UKwinika uthi abantu abanamava banikwa imisebenzi engahambelani neziqu zabo.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.