Siyanda isibalo sabantu abasha abashona ngokuzibulala

Written by on 10 October, 2019

By: Bright Ntuli

Inhlangano i-South African Depression and Anxiety Group ithi  sanda ngesivinini esiphezulu isibalo sabantu abasha abaneminyaka ephakathi kuka 15 no 25 abashona ngokuzibulala kuleli.

Lenhlangano isho kanjena njengoba namhlanje emhlabeni jikelele usuku lokuqwashisa ngezifo eziphathelele nengqondo i-World Mental Health Day.

Iqhuba ngokuthi kubantu abasha abashona ngokuzibulala abangu 9 kwabangu 10 babo abasuke bephila nezifo zengqondo nokubalwa kuzo nokhwantalala.

Ongumsunguli wenhlangano i-My Social Life, uDean McCoubrey, uthi ucwaningo lwabo seluveze ukuthi nezinkundla zokuxhumana zinawo umthelela ekutheni abantu bazithole sebenokhwantalala.

Listen here:

https://iono.fm/e/755554


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background